African Journals Online
Codicillus

Issues Available About the Journal

Volume 43 Number 1 2002
ABSTRACTS

Some aspects regarding the vesting of property of the solvent spouse in the trustee of the insolvent spouse's estate

Matlala, David M.

Abstract: Amanye amaphuzu okunikezelwa kwempahla yokuganenwe naye osesimweni esihle ekumelananeni nemithwalo yakhe, kulowo ogunyaziswe ukulawula impahla yokuganenwe naye osesimweni esingesihle sokumelana nezikweletu anazo

Lo mnikelo uxoxa ngezici ezitholakala kusigaba 21 soMthetho 24 wokwehluleka ukukhokha izikweletu ka-1936 olungiselela ukuthi ezimweni ezithile, impahla yalowo okuganenwe naye osesimweni esihle sokumelana nezikweletu zakhe, ibuye inikezelwe kulowo ogunyaziswe ukulawula impahla yalo omunye okuganenwe naye ongasakwazi ukumelana nezikweletu zakhe. Lesi sigaba sidala impikiswano enkulu futhi sesikhiqize ingxoxo ebanzi kwezezifundiswa. Lo mnikelo ubuye udingide isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo kusinqumo sikaHarksen lapho ukuhambisana nomthethosisekelo kwesigaba 21 kwakubuzisiswa khona. Umbhali ucela ukuthi kube nenguquko kulesi sigaba ngoba sivame ukubeka ubunzima bezezimali obungafanele kwabesifazane.

 

 

Violence against women and children in South Africa

Deane, T.

Abstract: Udlame oluqondiswe kwabesifazane nasezinganeni

Lo mnikelo udingida udaba olubucayi lokuthi ngabe yanele yini imithetho ekhona ekuvikeleni abesifazane nezingane odlameni nasekuhlukunyezweni ngokwezocansi. Umbhali uqhakambisa ezinye zezinkinga abesifazane nezingane abanqwamana nazo lapho benquma ukuvula amacala okuhlukunyezwa ngokwezocansi. Lo mnikelo ubuye ugxile ekwandeni kodlame lwezocansi ezikoleni kanye nasezinyathelweni ezithathwayo ukuqeda lokho. Okokugcina, umbhali ubheka umthetho okhona, olwa nodlame olubhekiswe ezinganeni ezikoleni bese ephetha ngokuthi kudingeka uguquko oluthe xaxa emthethweni okhona njengamanje ukuze kuliwe nale nkinga.

 

 

Key issues for foreign understanding of Chinese law

Liu, Rui-Ping

Abstract: Amaphuzu asemqoka ekuqondisisweni ngabangaphandle komthetho wamaShayina

Leli phepha lilandela umgudu womlando nokuthuthuka kwesayensi yezomthetho waseShayina njengoba sekwanda ukuhwebela- na nokutshalwa kwezimali phakathi kweNingizimu Afrika nePeople's Republic of China. Ngenxa yezizathu ezahlukahlekene zokuhlalisana nezezombusazwe, ukufundwa kwezomthetho waseShayina kwakuyinto enganakiwe kwezomthetho waseNingizimu Afrika, kepha umbhali ubeka ukuthi kungatholakala izifundo ezibalulekile ekufundweni kwezomthetho waseShayi- na. Kulo mnikelo, umbhali uchaza izithiyo abacwaningi bangaphandle okumele bazinqobe uma befunda ngesayensi yezomthetho waseShayina, futhi wenthula iziphakamiso ezilusizo mayelana nendlela ngezinyathelo ezingase zithathwe mayelana nalokhu.

 

 

Promoting minority rights in the context of economic, social and cultural rights in South Africa

Moosa, Najma

Abstract: Ukuthuthukisa amalungelo abantu abayidlanzana esimeni samalungelo ezomnotho, awezokuhlalisana kanye nawezamasiko eNingizimu Afrika.

Kulo mbhalo, umbhali uxoxa ngokuthuthukiswa kwamalungelo abantu abayidlanzana eNingizimu Afrika mayelana nesimo sezomnotho, ezokuhlalisana kanye nezamasiko. Uthi incazelo eqculisayo ngabay'glanzana isantuleka' futhi nokuntuleka kwencazelo leyo, kunemiphumela ethinta imicabango okusetshenzelwa phezu kwayo ngalokho okwenziwayo. Uthi amalungelo abantu abayiglanzana okungwe ezenkolo, ezolimi nawezamasiko kumele afakwe emingceleni yamalungelo ezokuhlalisana nawezomnotho. Ngokomthethosisekelo waseNingizimu Afrika, isigaba 31, sibheka amalungiselelo okuthi abantu abangamalungu om- phakathi othile kwezamasiko, ezenkolo noma ezolimi akumele benqatshelwe ilungelo lokuthokozela amasiko abo, lokulandela inkolo yabo nelokusebenzisa ulimi lwabo. Ngaphezu kwalokho, iSahluko 9 somthethosisekelo svumeia ucuverwa kwe iKhomishani yokuGqugquzelwa nokuVikelwa kwamaLungelo eMiphakathi kwezaMasiko, ezeNkolo nezoLimi.

 

 

Politics and the constitution of South Africa: an inquiry into the legality and constitutionality of the Democratic Alliance

Mangu, Andre Mbata B.

Abstract: Amaqembu ezombusazwe nentando yeningi eNingizimu Afrika: Ukuphawula ngokubasemthethweni nokuhambisana nomthethosisekelo kweDemocratic Alliance

IDemocratic Alliance (DA) yaletha inguquko ebabazekayo kwezombusazwe wezwe lethu, futhi adlondlobula njengenhlangano ephambili kwezombusazwe ngemuva kwe-ANC. Kulo mbhalo, umbhali uhlola ukuba semthethweni nokuhambisana nomthethosisekelo kweDA. Ubuye abheke ubunjalo beDA, okungukuthi ngabe iyiqembu elisha yini? Ngabe iliqembu elihlanganisiwe noma ngabe ingamaqembu ahlangene kepha aziphethe ngokwehlukana kwawo? Umbhali uqhubeka abuze ukuthi ngabe iDA iyiqembu nje elihlangene ngesivumelwano sokusebenzisana? Iyiqembu elihlanganiswe lakha into eyodwa, noma ihlanganise amaqembu azimele ezombusazwe anesivumelwano soku- sebenzisana ngeizinhloso zokhetho kuphela?